Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 2:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Lapho bephakamisa amehlo abo bekude, bengamazi, baphakamisa izwi labo, bakhala; baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza ngothuli emakhanda abo ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Lapho bephakamisa amehlo abo besekude, abamazanga; badazuluka bakhala, baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza amakhanda abo ngothuli beluphonsa phezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Kuthe besebuqamama baphakamisa amehlo abo, kodwa abambonanga ukuthi nguye; badazuluka bakhala, kwayilowo nalowo waklebhula ingubo yakhe, bazithela amakhanda ngothuli beluphonsa phezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 2:12
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi u-Esawu esizwa amazwi kayise, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu, wathi kuyise: “Ngibusise nami, baba!”


Kwathi eseqedile ukukhuluma, amadodana enkosi afika aphakamisa amazwi awo akhala; nenkosi nazo zonke izinceku zayo bakhala kakhulu.


Lapho ngizwa lokho, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.


Ngosuku lwamashumi amabili nane lwaleyo nyanga abantwana bakwa-Israyeli babuthana ngokuzila ukudla, bembethe izingubo zokulila nenhlabathi phezu kwakho.


Kwathi uMoridegayi ebona konke okwenzekileyo, uMoridegayi waklebhula izingubo zakhe, wembatha izingubo zokulila nomlotha, waphuma waya phakathi nomuzi, wakhala ngokukhala okukhulu nokubabayo;


Khona-ke uJobe wasukuma waklebhula ingubo yakhe waphuca ikhanda lakhe wawela emhlabathini wakhuleka.


Umndeni wami uhlulekile, nabangane bami abadumile bangikhohliwe.


Amalunga endodakazi yaseSiyoni ahlezi emhlabathini, athule; bazithela ngothuli emakhanda abo; babhinca izingubo zokulila; izintombi zaseJerusalema zilengisa amakhanda azo emhlabathini.


izwi labo lizwakale ngokumelene nawe, bakhale kamunyu, bathele uthuli emakhanda abo, babhuquze emlotheni;


UJoshuwa waklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli, bathela uthuli emakhanda abo.


Base bethela uthuli emakhanda abo, bamemeza bekhala, belila, bethi: “Maye, maye, muzi omkhulu, lapho kwacetshiswa khona bonke ababenemikhumbi olwandle ngenxa yokubiza kwawo okuhle! ngoba ngehora elilodwa selichithekile.


Kwathi ingelosi kaJehova ikhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu badazuluka bakhala.


Izithunywa zafika eGibeya likaSawule, zamemezela lezi zindaba ezindlebeni zabantu, futhi bonke abantu baphakamisa amazwi abo bakhala inyembezi.


UDavide namadoda ayenaye baphakamisa amazwi abo, bakhala, baze bangabe besaba namandla okukhala.


Kwasekugijima indoda yakoBhenjamini ivela empini, yafika eShilo ngalolosuku igqoke izembatho eziklebhukile, inothuli ekhanda layo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka