UJobe 10:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uma ngimubi, maye kimi! noma ngilungile, nokho angiyikuphakamisa ikhanda lami. Ngigcwele ukudideka; ngakho-ke niyalubona usizi lwami; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma nginecala, maye kimi! Noma bengilungile, bengingayikuphakamisa ikhanda lami, lokhu ngisuthi ngehlazo, ngibona ukuhlupheka kwami. IsiZulu 2020 Uma ngenzile okubi, maye kimi! Uma bengilungile, bengingayukuliphakamisa ikhanda lami, lokhu ngisuthi ihlazo, ngibona ukuhlupheka kwami. |
RESH. Bheka ukuhlupheka kwami, ungisindise, ngokuba angikhohlwa umthetho wakho.
Ababi bayakuphendulelwa endaweni yabafileyo, nezizwe zonke ezikhohlwa uNkulunkulu.
UJehova wathi: “Ngikubonile nokukubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe, nokukhala kwabo ngezinceku zabo ngikuzwile; ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;
Maye kwababi! kuyakuba kubi kuye, ngokuba inkokhelo yezandla zakhe iyakunikwa yona.
Ngasengisithi: Maye kimi! ngoba sengiphelile; ngokuba ngingumuntu onezindebe ezingcolile, ngihlala phakathi kwabantu abazindebe zingcolile; ngokuba amehlo ami abonile iNkosi, uJehova Sebawoti.
Bheka, Jehova! ngokuba ngisosizini; amathumbu ami awaphumuli; inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami; ngoba ngahlubuka kakhulu; ngaphandle uphanga inkemba, ekhaya kunjengokufa.
Khona lizabuya, lihlukanise phakathi kolungileyo lomubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu lalowo ongamkhonziyo.