UJeremiya 2:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalokho ngisakhuluma kini, usho uJehova, ngilwe nabantwana babantwana benu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngalokho ngiyakuphikisana nani,” usho uJehova, “ngiphikisane nabantwana babantwana benu. IsiZulu 2020 “Ngakho-ke ngizophikisana nani,” kusho uSimakade, “ngiyakuphikisana nanabantwana babantwana benu. |
Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.
Kodwa uthi: Ngoba ngimsulwa, isibili ulaka lwakhe luzasuka kimi. Bheka, ngiyakulwa nawe, ngokuba uthi: Angonanga.
Wabamba umfowabo ngesithende esiswini sikanina, ngamandla akhe waba namandla kuNkulunkulu.
Mlaseni unyoko, ngokuba akasiye umkami, nami angisiye umyeni wakhe; khona-ke makasuse ubufebe bakhe nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe;
Zwanini izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, ngokuba akukho qiniso, akukho umusa, akukho kwazi uNkulunkulu ezweni.
Khona-ke ngiyobhekisa ubuso bami bumelane nalowo muntu nomndeni wakhe ngimnqume kanye nabo bonke abaphingayo ngemva kwakhe ukuze baphinge noMoloki, basuke phakathi kwabantu bakubo.
Zwanini nina zintaba, ukuphikisana kukaJehova, nani zisekelo zomhlaba eziqinile, ngokuba uJehova ubambene nabantu bakhe; uyakulwa no-Israyeli.