Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 20:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Khona-ke ngiyobhekisa ubuso bami bumelane nalowo muntu nomndeni wakhe ngimnqume kanye nabo bonke abaphingayo ngemva kwakhe ukuze baphinge noMoloki, basuke phakathi kwabantu bakubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu nomndeni wakhe, ngimnqume kubantu bakubo kanye nabo bonke abaya kuye ukuphinga, beyophinga noMoloki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Mina uqobo ngiyakumelana nalowo muntu nomndeni wakhe, ngimnqume kubantu bakubo nabo bonke abahamba naye bayophinga, bephinga noMolekhi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 20:5
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngaphezu kwalokho, wenza izindawo eziphakemeyo ezintabeni zakwaJuda futhi wenza ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge futhi waphoqelela uJuda ukuba enze kanjalo.


Ngakho bangcoliswa ngemisebenzi yabo futhi bafeba ngezinto zabo.


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.


Phakamisela amehlo akho ezindaweni eziphakemeyo, ubone lapho ongazange ube namanga khona. Wahlala phansi ngenxa yabo ezindleleni njengomArabiya ehlane; futhi ulingcolisile izwe ngobufebe bakho nangobubi bakho.


Ngizabanika inhliziyo eyodwa lendlelanye, ukuze bangesabe kuze kube nininini, kube yinzuzo yabo leyabantwana babo emva kwabo.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngibhekise ubuso bami kini ukuba ngenze okubi, ngichithe wonke uJuda.


Ngiyakumhambela ngezinsuku zawoBali, ashumayeza ngazo impepho, wazihlobisa ngamacici akhe nezinto zakhe ezicwebezelayo, walandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa mina,” usho uJehova.


Ngoba unina uphingile; owawazala wenza okuhlazisayo; ngokuba wathi: “Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bezimvu bami nelineni lami, amafutha ami nesiphuzo sami.”


Futhi wonke umuntu wendlu ka-Israyeli noma kubafokazi abagogobeleyo phakathi kwenu, abadla noma yiliphi igazi; ngizamisa ubuso bami bumelane lomphefumulo odla igazi, ngiwuqume phakathi kwabantu bakibo.


Futhi abasayikunikela imihlatshelo yabo kumademoni abaphinge nawo. Kumelwe kube yisimiso esiphakade kubo ezizukulwaneni zabo.


Uma abantu bezwe befihla nokufihla amehlo abo kumuntu, lapho enika uMoloki enye yenzalo yakhe, bangambulali;


Umphefumulo ophendukela emimoyeni yabafileyo nakubathakathi ukuba ufebe emva kwabo, ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngiwunqume phakathi kwabantu bakubo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka