UGenesise 42:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi: “Bheka, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe; yehlela lapho, usithengele khona; ukuze siphile, singafi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe; yehlani, niye lapho, nisithengele khona, ukuze siphile, singafi.” IsiZulu 2020 Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona ukudla eGibhithe. Yehlani, nisithengele okusanhlamvu khona, ukuze siphile, singafi.” |
Sebedlile ukolweni ababewulande eGibithe, uyise wathi kubo: “Buyelani, nisithengele ukudla.”
Wayesethi uJuda kuyise u-Israyeli: “Thuma umfana nami, sisuke sihambe; ukuze siphile, singafi, thina kanye nani, nabantwana bethu abancane.
Khuphukani masinyane niye kubaba nithi kuye: Isho kanje indodana yakho uJosefa: UNkulunkulu ungenze umbusi phezu kwalo lonke iGibithe; yehlela kimi, ungalibali.
Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze wafa. Umprofethi u-Isaya indodana ka-Amose weza kuye, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: “Lungisa indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikuphila.
Kodwa waphendula wathi: Kulotshiwe ukuthi: Umuntu kayikuphila ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi wonke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.
Kepha uJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe, wathuma obaba okokuqala.