Inceku yayisikhipha izinto zesiliva nezegolide, nezingubo, yazinika uRebeka; wabanika umnewabo nonina izinto eziyigugu.
UGenesise 34:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ungalokothi ungicele ilobolo nesipho esingaka, futhi ngizokunika njengokusho kwakho kimi; kodwa nginike intombi ibe ngumkami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bizani kimi ilobolo noma lingakanani kanye nesipho, ngiyakuninika njengokusho kwenu kimi; kodwa ngipheni intombi ibe ngumkami.” IsiZulu 2020 Nqumani ilobolo nezibizo zenu, akukhathaleki ukuthi nibiza kangakanani, mina ngizoninika konke enikufunayo, inqobo nje uma nizongiganisela indodakazi yenu ibe ngumkami.” |
Inceku yayisikhipha izinto zesiliva nezegolide, nezingubo, yazinika uRebeka; wabanika umnewabo nonina izinto eziyigugu.
UJakobe wathanda uRaheli; wathi: Ngizakukusebenzela iminyaka eyisikhombisa ngoRaheli indodakazi yakho encane.
Ngibe neminyaka engamashumi amabili endlini yakho; Ngakukhonza iminyaka eyishumi nane ngenxa yamadodakazi akho amabili neminyaka eyisithupha ngenxa yezinkomo zakho; futhi uwuguqule iholo lami izikhathi eziyishumi.
Wayesethi uShekemi kuyise wayo nakubafowabo: “Mangithole umusa emehlweni enu, nalokho eniyakungitshela khona ngiyakuninika khona.
Amadodana kaJakobe abaphendula ngamanga oShekemi noyise uHamori, ethi, ngokuba engcolisile udadewabo uDina;
UDavida wasethuma izithunywa kuIshiboshethi indodana kaSawuli ukuthi: Khulula umkami uMikhali engamgana ngamajwabu ayikhulu amaFilisti.
Kodwa uma umnikazi wayo ekhona, akanakuyilungisa; uma kuyimali eqashiwe, ize ngenkokhelo yayo.
Ngakho ngazithengela yena ngamashekeli ayishumi nanhlanu esiliva nangehomere lebhali nengxenye yehomere lebhali.
Izinceku zikaSawule zakhuluma lawa mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula kuwe ukuba ngumkhwenyana wenkosi, lokhu mina ngithiwe ngimpofu nomncane na?