UGenesise 30:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 URaheli wayesethi: “UNkulunkulu wangihola, wezwa izwi lami, wangipha indodana; yingakho wambiza ngokuthi uDani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi uRaheli: “UNkulunkulu ungahlulele, futhi wezwa izwi lami: wangipha indodana,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uDani. IsiZulu 2020 URaheli wathi: “UNkulunkulu ungehlulele, futhi ulizwile izwi lokunxusa kwami, wangipha indodana.” Ngenxa yalokho wayiqamba igama wathi nguDani. |
UBiliha incekukazi kaRaheli wabuye wakhulelwa, wazalela uJakobe indodana yesibili.
Ngahlulele, Jehova Nkulunkulu wami, ngokulunga kwakho; futhi kabangathokozi ngami.
Ngahlulele, Nkulunkulu, ungivikele esizweni esibi; ngikhulule kumuntu onenkohliso nongalungile.
Kubantwana bakwaDani ngemindeni yabo ngezizukulwane zabo ngezindlu zawoyise ngokwenani lamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma;
Bayakuma entabeni yase-Ebali ukuba baqalekise; uRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali.