UBhetuweli wazala uRebeka; laba abayisishiyagalombili uMilka wazala uNahori umfowabo ka-Abrahama.
UGenesise 28:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Isaka wayesemukisa uJakobe, waya ePhadani Aramu kuLabani indodana kaBetuweli umAramu, umfowabo kaRebeka, unina kaJakobe no-Esawu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Isaka wayesemmukisa uJakobe, waya ePhadani Aramu kuye uLabani indodana kaBetuweli umAramu, umfowabo kaRebeka unina kaJakobe no-Esawu. IsiZulu 2020 U-Isaka wamkhulula kanjalo-ke uJakobe, wayesengena indlela elibangisa ePhadani Aramu, kwamalume wakhe uLabani, indodana kaBhethuweli, umAramu, ongumfowabo kaRibheka, unina kaJakobe no-Esawu. |
UBhetuweli wazala uRebeka; laba abayisishiyagalombili uMilka wazala uNahori umfowabo ka-Abrahama.
Badla, banatha, yena namadoda ayenaye, bahlala ubusuku bonke; basebeqeda ekuseni bathi: Ngiyekeleni ngiye enkosini yami.
U-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.
Manje, ndodana yami, lalela izwi lami; futhi wasukuma, wabalekela kuLabani umfowethu eHarana;
Suka uye ePhadani Aramu endlini kaBhetuweli uyise kanyoko; uzithathele khona umfazi emadodakazini kaLabani unyokolume.
UJakobe wamtshela uRaheli ukuthi ungumfowabo kayise nokuthi uyindodana kaRebeka; wagijima watshela uyise.
UNkulunkulu wayesefika kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Ziqaphele ukuba ungakhulumi okuhle noma okubi kuJakobe.”
UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre, emzini ka-Arba, okuyiHebroni, lapho u-Abrahama no-Isaka begogobele khona.
I-Aramu lalithengiselana nawe ngenxa yobuningi bempahla oyenzile; bathengisa ngawe amasimaragidi, nokububende, nokulukiweyo, nelineni elicolekileyo, namakhorali, ne-agathe.
UJakobe wabalekela ezweni lase-Aramu, u-Israyeli wakhonza owesifazane, walusa izimvu ngenxa yowesifazane.
Uzakhuluma uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: Ubaba wayengumAramu owayezabhubha, wehlela eGibhithe, wahlala khona njengowezizwe labayingcosana; njalo lapho induna enkulu yaba ngumuntu olamandla njalo elabantu abanengi isizwe.