Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 29:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJakobe wayesehamba ngohambo lwakhe, wafika ezweni labantu basempumalanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wayesesuka uJakobe, waya ezweni labantu basempumalanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 UJakobe waqhubeka nohambo lwakhe, waze wayofika ezweni labantu basempumalanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 29:1
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inceku yathatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo yahamba; ngoba yonke impahla yenkosi yakhe yayisesandleni sakhe; wasuka, waya eMesopotamiya, emzini kaNahori.


U-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.


Kepha amadodana ezancinza u-Abrahama ayenazo, u-Abrahama wanika izipho, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga, ezweni lasempumalanga.


UNkulunkulu wasesithi kuJakobe: Suka uye eBhetheli, uhlale khona, wakhe khona ialithare uNkulunkulu owabonakala kuwe ekubalekeleni umfowenu uEsawu.


Wakha khona i-altare, wayiqamba indawo ngokuthi i-Elibeti-Eli, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye lapho ebalekela umfowabo.


Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakungcono kunokuhlakanipha kwabo bonke abantwana bezwe lasempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe.


Ngizohamba ngendlela yemiyalo yakho, uma uyenza banzi inhliziyo yami.


Ngiyashesha, angehluleka ukugcina imiyalo yakho.


Hamba, udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho ngenhliziyo ethokozayo; ngoba uNkulunkulu useyayemukela imisebenzi yakho.


UJakobe wabalekela ezweni lase-Aramu, u-Israyeli wakhonza owesifazane, walusa izimvu ngenxa yowesifazane.


Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “UBalaki, inkosi yakwaMowabi, wangikhipha e-Aramu ezintabeni zasempumalanga, wathi: “Woza, ungiqalekisele uJakobe, uze, uklolodele u-Israyeli.”


Lapho u-Israyeli ehlwanyela, amaMidiyani akhuphuka, nama-Amaleki, nabantwana basempumalanga, bakhuphukela kubo;


Bonke abakwaMidiyani nama-Amaleki nabantwana basempumalanga babuthana, bawela, bamisa esigodini saseJizreyeli.


AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abantwana basempumalanga babelele esigodini njengesikhonyane ngobuningi; namakamela abo ayengenakubalwa ngangesihlabathi solwandle ngobuningi.


USeba noSalimuna baseKarkori, namabutho abo kanye nabo, kungathi amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke abaseleyo kuwo wonke amakamu abantwana basempumalanga; ngoba kwawa amadoda ayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ahloma inkemba.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka