Esesondele ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle obukekayo.
UGenesise 26:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Amadoda aleyondawo ambuza ngomkakhe; wathi: “Ungudadewethu, ngokuba wayesaba ukuthi: ‘Ungumkami;’ wathi, ukuze bangangibulali abantu baleyondawo ngenxa kaRebeka; ngoba wayemuhle ukubukwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amadoda aleyo ndawo ambuza ngomkakhe; wathi: “Ungudadewethu,” ngokuba wesaba ukusho ukuthi: “Ungumkami,” ethi: “Funa amadoda aleyo ndawo angibulale ngenxa kaRebeka, lokhu ebukeka kahle.” IsiZulu 2020 Kwathi lapho amadoda akuleyo ndawo embuza ngomkakhe, wathi kuwo: “Ungudadewethu,” ngokuba wayengafuni ukulikhipha ngembaba elokuthi ngumkakhe, esaba ukuthi amadoda endawo azomsoconga ngenxa kaRibheka, kwazise wayemuhle kakhulu. |
Esesondele ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle obukekayo.
Wothi, ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho; futhi umphefumulo wami uyakuphila ngawe.
Izikhulu zikaFaro nazo zambona zamdumisa phambi kukaFaro, owesifazane wangeniswa endlini kaFaro.
Wayesethi u-Abrahama: “Ngokuba ngithe: Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; futhi bazongibulala ngenxa yomkami.
U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe: “Ungudadewethu; u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathumela wamthatha uSara.
Akashongo yini kimi ukuthi: “Ungudadewethu na?” yena wathi: “Ungumfowethu; ngobuqotho benhliziyo yami nangobumsulwa bezandla zami ngikwenzile lokhu.
Intombazane yayiyinhle kakhulu, iyintombi nto, ingaziwa muntu; wehlela emthonjeni, wagcwalisa imbiza yakhe, wenyuka.
Kwathi, eselapho isikhathi eside, u-Abimeleki, inkosi yamaFilisti, walunguza ngefasitela, wabona, bheka, u-Isaka edlala noRebeka umkakhe.
Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu walithanda ibandla, wazinikela ngenxa yalo;