U-Abrama wamisa itende lakhe, wafika wahlala e-okini kaMamre eHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.
UGenesise 26:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wakha khona i-altare, wabiza igama likaJehova, wamisa itende lakhe khona; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wakha khona i-altare, wakhuleka egameni likaJehova, wamisa lapho itende lakhe; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona. IsiZulu 2020 U-Isaka wayesakha i-althare lapho, wakhuleka egameni leNkosi, wagxumeka ithende lakhe, izinceku zakhe zamba umthombo lapho. |
U-Abrama wamisa itende lakhe, wafika wahlala e-okini kaMamre eHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.
endaweni ye-altare alenza khona kuqala; u-Abrama wakhuleka lapho eGameni leNkosi.
Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wabopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e-altare phezu kwezinkuni.
Ngalolo suku izinceku zika-Isaka zafika, zamtshela ngomthombo ezaziwumbile, zathi kuye: “Sithole amanzi.”
UNkulunkulu wasesithi kuJakobe: Suka uye eBhetheli, uhlale khona, wakhe khona ialithare uNkulunkulu owabonakala kuwe ekubalekeleni umfowenu uEsawu.
Naye uSeti wazalelwa indodana; waqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe; abantu base beqala ukubiza iGama leNkosi.
UNowa wamakhela uJehova i-altare; wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela ngeminikelo yokushiswa e-altare.