Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 26:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Wakha khona i-altare, wakhuleka egameni likaJehova, wamisa lapho itende lakhe; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

25 U-Isaka wayesakha i-althare lapho, wakhuleka egameni leNkosi, wagxumeka ithende lakhe, izinceku zakhe zamba umthombo lapho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Wakha khona i-altare, wabiza igama likaJehova, wamisa itende lakhe khona; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 26:25
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini* aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.


indawo ye-altare abelenzile khona kuqala; u-Abrama wakhuleka lapho egameni likaJehova.


Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wambopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e-altare phezu kwezinkuni.


Kwathi ngalolo suku zafika izinceku zika-Isaka, zamtshela ngomthombo ezaziwumbile, zathi kuye: “Sitholile amanzi.”


Wakha khona i-altare, walibiza ngokuthi i-Eli Elohe Israyeli.*


UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBethele, uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i-altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu.”


Naye uSeti wazala indodana, wayiqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.


UNowa wamakhela uJehova i-altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela umnikelo wokushiswa e-altare.


Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaJehova.


UMose walakha i-altare, waliqamba igama lokuthi iJehova-Nisi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka