Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 35:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 UNkulunkulu wasesithi kuJakobe: Suka uye eBhetheli, uhlale khona, wakhe khona ialithare uNkulunkulu owabonakala kuwe ekubalekeleni umfowenu uEsawu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBethele, uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i-altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBhethele, uhlale lapho. Yakha i-althare lapho, ulakhele uNkulunkulu ozibonakalise kuwe ngesikhathi ubalekela umnewenu u-Esawu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 35:1
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wasuka lapho wenyukela entabeni esempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi ngasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wabiza igama likaJehova.


Wathi: “Hagari, incekukazi kaSarayi, uvelaphi na?” futhi uzoyaphi? Wathi: “Ngibalekela ubuso benkosikazi yami uSarayi.”


U-Abrahama waqamba leyo ndawo ngokuthi: INkosi Jire; njengoba kuthiwa kuze kube lamuhla: Entabeni yeNkosi kuzalungiselelwa.


UJakobe wayesehamba ngohambo lwakhe, wafika ezweni labantu basempumalanga.


NginguNkulunkulu waseBethele, lapho wagcoba khona itshe lesikhumbuzo, nalapho wenza isithembiso kimi; vuka manje, uphume kuleli zwe, ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.


UJehova wayesethi kuJakobe: “Buyela ezweni lawoyihlo nasezihlotsheni zakho; futhi ngizoba nawe.


Bathi: “Iyakumphatha udadewethu njengesifebe na?”


UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu ayekhulume khona naye ngokuthi iBethele.


Wakha khona i-altare, wayiqamba indawo ngokuthi i-Elibeti-Eli, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye lapho ebalekela umfowabo.


Kumholi wokuhlabelela wamadodana kaKora. Isihlabelelo se-Alamoti. UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ulusizo olutholakala kakhulu ekuhluphekeni.


Iyakusikhethela ifa lethu, inkazimulo kaJakobe ayithandayo. Sela.


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye osizini; ngiyakumkhulula, ngimdumise;


UFaro esekuzwile lokho wazama ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, waya wahlala ezweni lakwaMidiyani, wahlala phansi ngasemthonjeni.


Yebo, yayinamandla phezu kwengelosi futhi yanqoba; wakhala, wamncenga; wamfumana eBethele, wakhuluma nathi khona;


Bhekani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. O Juda, gcina imikhosi yakho, ugcwalise izithembiso zakho, ngoba omubi kasayikudlula kuwe; unqunyiwe ngokuphelele.


Ngoba uJehova uyokwahlulela abantu bakhe futhi azisole ngezinceku zakhe lapho ebona ukuthi amandla azo aphelile, futhi akekho oboshiwe noma osele.


Kumelwe usuke lapho, ufike ethafeni laseThabhori; amadoda amathathu ayakuhlangana nawe ekhuphukela kuNkulunkulu eBethele, omunye ethwele izimbuzi ezintathu, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba lewayini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka