USarayi umka-Abrama wayengamzaleli mntwana, wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo lalinguHagari.
UGenesise 21:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 USara wabona ukuthi indodana kaHagari umGibhithekazi ayizalela u-Abrahama iklolodela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USara wabona indodana kaHagari owaseGibithe ayizalele u-Abrahama idlalisa. IsiZulu 2020 USara ebona ukuthi indodana ezalwa nguHagari umGibhithe, ayizalela u-Abhrahama, ihlekisa ngo-Isaka, |
USarayi umka-Abrama wayengamzaleli mntwana, wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo lalinguHagari.
Ngokuqondene no-Ishmayeli ngikuzwile: Bheka, ngimbusisile futhi ngizomenza azale futhi ngimandise kakhulukazi; uyakuzala izikhulu eziyishumi nambili, ngimenze isizwe esikhulu.
Umntwana wakhula walunyulwa; u-Abhrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.
Izigxobo zahamba umuzi ngomuzi zidabula izwe lakwa-Efrayimi nelakwaManase kwaze kwaba kwaZebuloni, kepha zawahleka, aziklolodela.
Kodwa baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, bathuka abaprofethi bakhe, kwaze kwafika intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabangakho ukuphulukiswa.
Kepha manje, abancane kunami bayangiklolodela, oyise babo engangibadelela ukuhlala nezinja zomhlambi wami.
Njengenkemba emathanjeni ami, izitha zami ziyangihlambalaza; lapho bethi kimi insuku zonke: Uphi uNkulunkulu wakho?
Ngisho nomntwana waziwa ngezenzo zakhe, ukuthi umsebenzi wakhe uhlanzekile noma ulungile yini.
Ezinsukwini zosizi lwayo iJerusalema lakhumbula zonke izinto zalo ezithandekayo elalinakho ezinsukwini zasendulo, lapho abantu balo bewela esandleni sesitha, kungekho muntu owalisiza; izitha zayibona zayiklolodela. Ngamasabatha akhe.
Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye kweyesigqilakazi, enye kowesifazane okhululekileyo.
Kodwa njengakulesosikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo lakhathesi.
Abanye balingwa ngokuhlekwa ngonya nangokubhaxabulwa, yebo, nangezibopho nokuboshwa;