Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 22:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha mina ngiyisibungu, angikho; ihlazo labantu nokudelelwa ngabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha mina ngiyimphethu, angisiye umuntu; ngiyisithuko sabantu, ngiyindelelo yabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Kepha mina angisemuntu, ngiyimpethu nje; ngiyisigcono sabantu, nendelelo ezizweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 22:6
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Asa wayesekhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, akulutho kuwe ukusiza, hhayi ngabaningi nabangenamandla; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu; ngokuba sincike kuwe, nangegama lakho siyakumelana nalesi sixuku. Jehova, unguNkulunkulu wethu; makungahlulwa muntu.


Kangakanani umuntu, eyimpethu? kanti indodana yomuntu iyimpethu?


Yebo, makangajabhiswa noyedwa okulindileyo; mabajabhe abeqa ngeze.


Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyethemba wena Jehova; ungangijabhisi; ngisindise ngokulunga kwakho.


Ngaba yisihlamba phakathi kwazo zonke izitha zami, ikakhulukazi phakathi komakhelwane bami, nengebhe phakathi kwezihlobo zami; abangibona ngaphandle bangibalekela.


Izitha zami zikhuluma kabi ngami, zithi: Uyokufa nini, igama lakhe libhubhe na?


Ubasusile kude nami abangazi bami; Ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngikhiyiwe angikwazi ukuphuma.


Ungesabi wena sibungu Jakobe, nani madoda akwa-Israyeli! ngiyakusiza, usho uJehova, noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli.


Usho kanje uJehova, uMhlengi ka-Israyeli, noNgcwele wakhe, kuye odelela umuntu, kuye isizwe esimenyanyayo, encekwini yezikhulu: Amakhosi ayakubona lokhu, asukume, nezikhulu zikhuleke ngenxa yalokho. KaJehova othembekileyo noNgcwele ka-Israyeli, uyakunikhetha.


Udelelekile, waliwa ngabantu; umuntu wosizi nojwayelene nosizi; futhi samfihlela ubuso bethu njengokungathi; wayedelelekile, futhi asizange simhloniphe.


Unika isihlathi sakhe komshayayo; ugcwele ihlazo.


INdodana yomuntu yafika idla, iphuza, bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umngane wabathelisi nezoni. Kodwa ukuhlakanipha kulungisiswa kubantwana bakho.


Kodwa abaFarisi bekuzwa bathi: Lo kakhiphi amadimoni, kuphela ngoBelezebule umbusi wamadimoni.


AmaJuda amangala, athi: “Lo wazi kanjani izincwadi engafundanga na?


Isixuku saphendula sathi: “Unedemoni wena;


Base bephendula abaJuda, bathi kuye: “Asisho kahle ukuthi wena ungumSamariya nokuthi unedemoni na?


Ngakho-ke noJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.


Bahlabelela ingoma kaMose inceku kaNkulunkulu, nengoma yeWundlu, bethi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, Nkosi yabangcwele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka