UGenesise 21:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wahlala ehlane lasePharanu, unina wamthathela umfazi ezweni laseGibithe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wahlala ehlane lasePharanu; unina wamthathela umfazi ezweni laseGibithe. IsiZulu 2020 Esahlezi ehlane ePharanu, unina wamtholela umfazi eGibhithe. |
USarayi umka-Abrama wathatha uHagari incekukazi yakhe umGibhithe, emva kokuba u-Abrama esehlale iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani, wamnika u-Abrama indoda yakhe ukuba abe ngumkakhe.
Bahlala-ke kusukela eHawila kuze kube seSuri eliphambi kweGibhithe, ekuqhubekeni kwenu ukuya eAsiriya; wafa phambi kwabafowabo bonke.
URebeka wayesethi ku-Isaka: “Ngikhathele ukuphila kwami ngenxa yamadodakazi kaHeti;
Basuka kwaMidiyani, bafika ePharanu; owamnika indlu wambekela ukudla, wamnika nezwe.
Thathani abafazi, nizale amadodana namadodakazi; nithathele amadodana enu abafazi, ninike amadodakazi enu amadoda, azale amadodana namadodakazi; ukuze nande khona, ninganciphi.
UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele evela entabeni yasePharanu. Sela. Inkazimulo yakhe yasibekela amazulu, futhi umhlaba ugcwele indumiso yakhe.
Abantwana bakwa-Israyeli baphuma ehlane laseSinayi; ifu lahlala ehlane lasePharanu.
Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.
UMose wabathuma besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; wonke lawo madoda ayezinhloko zabantwana bakwa-Israyeli.
Wakhuphuka wabatshela uyise nonina, wathi: “Ngabona owesifazane eThimna emadodakazini amaFilisti; bese umthatha manje abe ngumkami.
Wafa uSamuweli; bonke abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamlilela, bammbela endlini yakhe eRama. UDavide waqeda, wehlela ehlane lasePharanu.