UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.
UGenesise 2:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 INkosi uNkulunkulu yabumba umuntu ngothuli lomhlaba, yaphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba ngumphefumulo ophilayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo. IsiZulu 2020 USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo. |
UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.
Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa uze ubuyele emhlabathini; ngoba nathathwa kuwo; ngokuba uluthuli, uyakubuyela othulini.
Ngakho uJehova uNkulunkulu wamkhipha ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo.
Konke okunomoya wokuphila emakhaleni akho, kukho konke okusemhlabathini owomileyo, kwafa.
Bheka, ngisesikhundleni sikaNkulunkulu njengokufisa kwakho; nami ngabunjwa ngobumba.
Kakhulu kangakanani ngalabo abahlala ezindlini zodaka, abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwayo phambi kwenundu?
Uyazi yini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye owasenzayo, akuthina; singabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.
Khona uthuli luyobuyela emhlabathini njengoba lwalunjalo, futhi umoya uyobuyela kuNkulunkulu owawunikayo.
isikhathi sokuklebhula nesikhathi sokuthunga; isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma;
Kepha manje, Jehova, ungubaba; silubumba, wena ungumbumbi wethu; thina sonke singumsebenzi wesandla sakho.
Umoya wamakhala ethu, ogcotshiweyo kaJehova, wabanjwa emithonjeni yabo, esasho ngaye ukuthi: ‘Emthunzini wakhe siyakuhlala phakathi kwezizwe.
Isho kanje iNkosi uJehova ngalawa mathambo; Bhekani, ngiyakufaka umoya kini, niphile;
Ngiyakubeka phezu kwenu imisipha, ngenze ukuba kukhuphuke inyama phezu kwenu, nginembese ngesikhumba, ngifake kini umoya, ukuze niphile; nizokwazi ukuthi nginguJehova.
Isiprofetho sezwi likaJehova ku-Israyeli, usho uJehova, oweneka izulu, obeka izisekelo zomhlaba, abumbe kuye umoya womuntu.
Bawa ngobuso babo, bathi: “O Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu oyedwa, uthukuthelele lonke ibandla na?”
Kakhonzwa ngezandla zabantu njengoswela ulutho, yena onika bonke ukuphila lokuphefumula lakho konke;
Kodwa wena muntu, ungubani wena ophendula ngoNkulunkulu? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: ‘Ungenzeleni kanjalo na?
Kanjalo kulotshiwe ukuthi: Umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; uAdamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.
Umuntu wokuqala uvela emhlabeni, ungowomhlaba; umuntu wesibili yiNkosi evela ezulwini.
Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obumangalisayo bube obukaNkulunkulu, bungabi buvela kithi.
Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.
Futhi sinabobaba benyama yethu abasilayayo, sabahlonipha; kasiyikuzithoba kakhulu kuYise wawomoya, siphile, na?