Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 20:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Esekushilo lokho wabaphefumulela, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kwathi ukuba asho njalo, wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 Esekushilo lokho, wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Esekushilo lokho wabaphefumulela, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 20:22
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

INkosi uNkulunkulu yabumba umuntu ngothuli lomhlaba, yaphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.


UMoya kaNkulunkulu wangenza, lokuphefumula kukaSomandla kwangiphilisa.


Ngezwi likaJehova izulu lenziwa; nalo lonke ibandla lawo ngomoya womlomo wakhe.


Wayesethi kimi: “Profetha ngokumelene nomoya, profetha, ndodana yomuntu, uthi emoyeni: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, uthi: Woza uvela emimoyeni yomine, O moya, futhi uphefumulele phezu kwababuleweyo, ukuze baphile.


Ngiyakucela kuBaba, aninike omunye uMduduzi, ukuze ahlale kini phakade;


Kodwa nxa esefikile uMduduzi, engizamthuma kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, yena uzafakaza ngami.


Nokho nginitshela iqiniso; kunilungele ukuba ngimuke, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.


Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina, njengalokho uBaba engithumile, nami ngiyanithuma nina.


Enibathethelela izono zabo, bathethelelwe; lalabo enibabambayo izono zabo, zibanjiwe.


(Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)


Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamamukele uMoya oNgcwele njengathi na?


Wathi kubo: “Namukele uMoya oNgcwele selokhu nakholwa na? Base bethi kuye: “Asikaze sizwe ukuthi kukhona uMoya oNgcwele.”


UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.


UPetro egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: Lina babusi babantu labadala bakoIsrayeli.


Sebehlile babakhulekela, ukuze bamukele uMoya oNgcwele;


Yilokhu kuphela engifuna ukukufunda kini: Namamukela uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka