Lezi ziyizizukulwane zikaTera: uTera wazala u-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.
UGenesise 19:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi sekuhlwile kweza izingelosi ezimbili eSodoma; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma, uLoti ewabona, wasukuma ukuwahlangabeza; wakhothamisa ubuso bakhe emhlabathini; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza; wakhothamela emhlabathini ngobuso, IsiZulu 2020 Izingelosi ezimbili zafinyelela eSodoma kusihlwa; uLothi wayehlezi esangweni eSodoma. Uthe angazibona, wasukuma, wazihlangabeza, wathi mbo ngobuso emhlabathini. |
Lezi ziyizizukulwane zikaTera: uTera wazala u-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.
U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani, uLoti wahlala emizini yasethafeni, wamisa itende lakhe ngaseSodoma.
Amadoda asuka lapho abheka ngaseSodoma; u-Abrahama wahamba nawo ukuba awangenise endleleni.
Amadoda afulathela lapho, aya eSodoma, kepha u-Abrahama wayemi phambi kukaJehova.
Kodwa amadoda elula isandla amdonsela uLoti endlini kanye nawo, ahluthulela umnyango.
Wathi: “Bheka, Nkosi yami, phendukela endlini yenceku yakho, ulale ubusuku bonke, ugeze izinyawo zakho, bese uvuka ekuseni, uhambe; Baphendula bathi: Cha! kodwa sizahlala emgwaqweni ubusuku bonke.
UJosefa wayesebakhiphela phakathi kwamadolo akhe, wakhothamela ubuso bakhe emhlabathini.
Kanjalo futhi njengoba kwenzeka emihleni kaLoti; babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha;
Lingakhohlwa ukwamukela izihambi; ngoba ngalokho abanye bangenisa izingilosi bengazi.
UBhowazi wayesekhuphukela esangweni, wahlala khona; owathi kuye: O, onjalo! phambuka, uhlale lapha. Wasuka wahlala phansi.