UEksodusi 9:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 INkosi yasikwenza lokho ngangomuso, imfuyo yonke yaseGibithe yafa; kepha emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akufanga neyodwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wakwenza-ke lokho uJehova ngangomuso; yafa yonke imfuyo yaseGibithe, kepha emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akwafa neyodwa. IsiZulu 2020 Ngakusasa uSimakade wakwenza lokho; yonke imfuyo yabaseGibhithe yafa, kodwa akufanga nayinye emfuyweni yabantu bakwa-Israyeli. |
Wenza indlela yolaka lwakhe; Akawuyekanga umphefumulo wabo ekufeni, kepha wanikela ukuphila kwabo esibethweni;
Ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobu busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezilwane; ngiyakwahlulela bonke onkulunkulu baseGibithe; nginguJehova.
Futhi kwenzeka ukuthi phakathi kwamabili iNkosi yashaya wonke amazibulo ezweni laseGibhithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, kuya kwizibulo lesiboshwa esasisetilongweni; nawo onke amazibulo ezinkomo.
Ngalolo suku ngiyakunquma izwe laseGosheni abantu bami abahlala kulo, kungabikho izibawu; kuze kube sekupheleni niyakwazi ukuthi nginguJehova enkabeni yomhlaba.
Isichotho sashaya konke okwakusendle, abantu nezinkomo, ezweni lonke laseGibithe; isichotho sashaya zonke izitshalo zasendle, saphula yonke imithi yasendle.
Ezweni laseGosheni kuphela, lapho kwakukhona abantwana bakwa-Israyeli, akubangakho sichotho.
UJehova uyakwahlukanisa imfuyo yakwa-Israyeli nemfuyo yaseGibithe, akuyikufa lutho kukho konke okwabantwana bakwa-Israyeli.
INkosi yasimisa isikhathi esimisiweyo yathi: Kusasa iNkosi izakwenza lokhu elizweni.