Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UEksodusi 9:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

Bhekani, isandla sikaJehova siphezu kwezinkomo zenu ezisendle, naphezu kwamahhashi, naphezu kwezimbongolo, naphezu kwamakamela, naphezu kwezinkomo, naphezu kwezimvu; kuyoba khona isifo esiwumshayabhuqe esinzima kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

bheka, isandla sikaJehova siyakuba phezu kwemfuyo yakho esendle, naphezu kwamahhashi, naphezu kwezimbongolo, naphezu kwamakamela, naphezu kwezinkomo, naphezu kwezimvu, silethe isifo esinzima kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

isandla sikaSimakade sizoyishaya ngesifo imfuyo esehlane: amahhashi, izimbongolo, amakameli, izinkomo, izimvu, nezimbuzi.

Uka jalj uñjjattʼäta



UEksodusi 9:3
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Base beletha izinkomo zabo kuJosefa; uJosefa wabanika isinkwa ngamahhashi, nangezimvu, nangezinkomo, nangezimbongolo;


Susa kimi ukushaywa kwakho; ngiyaqedwa ngokushaya kwesandla sakho.


Bathi: “UNkulunkulu wamaHeberu wasihlangabeza; masihambe uhambo lwezinsuku ezintathu ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu; funa asehlele ngesifo noma ngenkemba.


Kepha uFaro akayikunilalela, ukuze ngibeke isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabutho ami nabantu bami, abantwana bakwa-Israyeli, ngiphume ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu.


Zase zithi izanusi kuFaro: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu; njengokutsho kweNkosi.


Ngathumela isifo phakathi kwenu ngendlela yaseGibithe; ngenza ukuba iphunga lemibhede yenu likhuphukele emakhaleni enu; nokho aniphendukela kimi,” usho uJehova.


Manje bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho, uyakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga isikhathi. Kwahle kwehlelwa yinkungu nobumnyama phezu kwakhe; wasezulazula efuna abangamhola ngesandla.


Bhekani, uma ikhuphuka ngendlela isuka ogwini lwakubo, iye eBeti Shemeshi, usenze lobu bubi obukhulu; kepha uma kungenjalo, sizokwazi ukuthi akusona isandla sakhe esisishayileyo; kwakuyithuba elenzeke kithi.