INkosi yasisithi kuMozisi: Ngena kuFaro, ngoba mina ngenze lukhuni inhliziyo yakhe lenhliziyo yenceku zakhe ukuthi zimemezele lezi zibonakaliso zami phambi kwakhe.
UEksodusi 9:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabalalelanga; njengalokho uJehova wakhuluma kuMose. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabalalelanga, njengalokho uJehova eshilo kuMose. IsiZulu 2020 Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabalalelanga, njengoba uSimakade ayeshilo kuMose. |
INkosi yasisithi kuMozisi: Ngena kuFaro, ngoba mina ngenze lukhuni inhliziyo yakhe lenhliziyo yenceku zakhe ukuthi zimemezele lezi zibonakaliso zami phambi kwakhe.
Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe.
OMose no-Aroni bazenza zonke lezi zibonakaliso phambi kukaFaro, uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba basuke ezweni lakhe.
UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe, waxosha abantwana bakwa-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakeme.
UJehova wathi kuMose: “Uma ubuyela eGibithe, qiniseka ukuthi uyazenza phambi kukaFaro zonke lezo zibonakaliso engizinikele esandleni sakho; kodwa ngizayenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabayekeli abantu bahambe.
Kepha uFaro akayikunilalela, ukuze ngibeke isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabutho ami nabantu bami, abantwana bakwa-Israyeli, ngiphume ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu.
UFaro wathuma, bheka, emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akufanga neyodwa. Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.
Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo; ukuze bangaboni ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.
Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.
Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlasele u-Israyeli, abashaye ngesiqalekiso esichithayo, bangabi namusa, kodwa ukubachitha, njengalokho uJehova emyalile uMose.