Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 14:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe, waxosha abantwana bakwa-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakeme.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe; waxosha abakwa-Israyeli; ngokuba abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakamileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 USimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibhithe, wabalandela abantu bakwa-Israyeli ngokuba babephume ngesandla esiphakeme.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 14:8
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabahola abantu bakhe ngokuthokoza, nabakhethiweyo bakhe ngentokozo.


Ngokuba umusa wakho mkhulu kimi, uwukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo.


Kodwa uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga ukuba bahambe.


Kuyakuba luphawu esandleni sakho nanjengebhande phakathi kwamehlo akho; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe.


Kodwa uNkulunkulu wabajikelezisa abantu endleleni eya ehlane loLwandle LwaseShelefu; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ezweni laseGibithe.


Kuyakuba kuwe luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.


Mina, bheka, ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, bawalandele; ngizakhazimulisa uFaro lakulo lonke ibutho lakhe, lezinqola zakhe, labagadi bamabhiza bakhe.


Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro ukuba abalandele; ngiyakudunyiswa phambi kukaFaro naphezu kwempi yakhe yonke; ukuze abaseGibithe bazi ukuthi nginguJehova. Benza kanjalo.


Wathatha izinqola ezingamakhulu ayisithupha zekhethelo kanye nazo zonke izinqola zaseGibhithe nezinduna phezu kwazo zonke.


Isitha sathi: Ngiyakubaxosha, ngifice, ngahlukanise impango; ukunxanela kwami kuyakwaneliswa phezu kwabo; ngiyakuhosha inkemba yami, isandla sami sibachithe.


UJehova wathi kuMose: “Uma ubuyela eGibithe, qiniseka ukuthi uyazenza phambi kukaFaro zonke lezo zibonakaliso engizinikele esandleni sakho; kodwa ngizayenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabayekeli abantu bahambe.


INkosi yasisithi kuMozisi: Khathesi usuzabona engizakwenza kuFaro, ngoba ngesandla esilamandla uzabahambisa, futhi ngesandla esilamandla uzabaxotsha elizweni lakhe.


UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabalalelanga; njengalokho uJehova wakhuluma kuMose.


Banike ukudabuka kwenhliziyo, isiqalekiso sakho phezu kwabo.


NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibhithe ukuze ningabi yizigqila zabo; ngagqabula izibopho zejoka lenu ngakwenza ukuma uqonde.


Basuka eRamsesi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yokuqala; ngangomuso emva kwephasika abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakemeyo emehlweni abo bonke abaseGibithe.


UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wakhetha okhokho bethu, wabaphakamisa abantu lapho bengabafokazi ezweni laseGibhithe, futhi ngengalo ephakemeyo wabakhipha kulo.


UJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo nangokwesabeka okukhulu nangezibonakaliso nezimangaliso.


Akukhona yini ukuthi ngesaba ulaka lwesitha, ukuthi izitha zabo zazingayikwenza isimangaliso, nokuthi zathi: ‘Isandla sethu siphakeme, futhi uJehova akenzanga konke lokhu.


Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlasele u-Israyeli, abashaye ngesiqalekiso esichithayo, bangabi namusa, kodwa ukubachitha, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Ngiyakudonsela kuwe uSisera induna yempi kaJabini nezinqola zakhe nesixuku sakhe emfuleni iKishoni; ngiyakumnikela esandleni sakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka