Uma umuntu ethengisa ngendodakazi yakhe ukuba ibe yisigqila, ayiyikuphuma njengezigqila.
“Uma umuntu ethengisa ngendodakazi yakhe, ibe yisigqilakazi, ayiyikuphuma njengalokhu ziphuma izigqila.
“Uma indoda ithengisa ngendodakazi yayo ukuba ibe yisigqila, ayinakukhululwa njengoba kukhululwa izigqila zesilisa.
Kepha manje inyama yethu injengenyama yabafowethu, nabantwana bethu banjengabantwana babo; bheka, siletha amadodana ethu namadodakazi ethu ebugqilini, namadodakazi ethu asevele enziwe izigqila; futhi akukho emandleni ethu ukubakhulula; ngoba abanye abantu balamasimu ethu lezivini zethu.
Inkosi yaso iyakusiletha kubahluleli; amlethe ngasemnyango noma ensikeni yomnyango; inkosi yaso iyakuyibhoboza indlebe yaso ngosungulo; futhi uyomkhonza kuze kube phakade.
Uma ingathokozisi inkosi yaso, eyakugana yona, iyakumvumela ukuba ahlengwe; ukuyithengisa esizweni sabezizwe, ayiyikuba namandla, ngokuba iyenze ngobuqili kuyo.