Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 21:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Inkosi yaso iyakusiletha kubahluleli; amlethe ngasemnyango noma ensikeni yomnyango; inkosi yaso iyakuyibhoboza indlebe yaso ngosungulo; futhi uyomkhonza kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu, isimise emnyango noma ensikeni yomnyango, inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo, size simkhonze kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 umniniso uyosithatha asilethe kuNkulunkulu, uyosimisa ngasemnyango noma ngasensikeni yomnyango bese umniniso esibhoboza indlebe ngosungulo, sibe yisigqila sakhe impilo yaso yonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 21:6
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Basebekhuluma kuye bathi: Uba lamuhla uzakuba yinceku yalababantu, ubakhonze, ubaphendule, ukhulume amazwi amahle kubo, bazakuba yizinceku zakho kuze kube nininini.


Ihubo lika-Asafa. UNkulunkulu umi emhlanganweni wamaqhawe; uyahlulela phakathi kwawonkulunkulu.


Ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobu busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezilwane; ngiyakwahlulela bonke onkulunkulu baseGibithe; nginguJehova.


Uma amadoda exabana, alimaze owesifazane okhulelweyo, size siphume kuye, nokho kungaveli lutho olubi; futhi uyakukhokha njengokunquma kwabahluleli.


Uma inceku isho nokusho ukuthi: ‘Ngithanda inkosi yami, nomkami, nabantwana bami; Ngeke ngiphume ngikhululekile.


Uma umuntu ethengisa ngendodakazi yakhe ukuba ibe yisigqila, ayiyikuphuma njengezigqila.


Ungahlambalazi onkulunkulu, ungathuki umbusi wabantu bakini.


Ngiyakubuyisela abahluleli bakho njengasekuqaleni, nabeluleki bakho njengasekuqaleni; emva kwalokho uyakubizwa ngokuthi: Umuzi wokulunga, umuzi othembekileyo.


Izwe aliyikuthengiswa kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami; ngoba ningabafokazi nezihambi kanye nami.


Kodwa njengesisebenzi sosuku nanjengomfokazi kumelwe abe kuwe futhi akukhonze kuze kube unyaka wejubili.


Izikhulu zawo phakathi kwawo zingamabhubesi abhodlayo; abahluleli bawo bayizimpisi zasebusuku; abadli amathambo kuze kuse.


Ngabayala abahluleli benu ngaleso sikhathi ngathi: ‘Zwanini amacala phakathi kwabafowenu, nahlulele ngokulunga phakathi kwalowo nalowo nomfowabo nomfokazi okuye.


Futhi uma ethi kini: Kangiyikunishiya; ngoba uyakuthanda wena nendlu yakho, ngoba izinto zikuhambela kahle;


Uthathe usungulo, ulubhoboze endlebeni yakhe ngasemnyango, abe yinceku yakho kuze kube phakade. Wenze njalo nangencekukazi yakho.


Uzikhethele abahluleli nababonisi kuwo wonke amasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona ngokwezizwe zakho; futhi bayokwahlulela abantu ngokwahlulela okulungileyo.


Kepha uHana akakhuphukanga; ngokuba wathi endodeni yakhe: “Angiyikukhuphuka umntwana aze alunyulwe; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona kuze kube phakade.”


U-Akhishi wamkholwa uDavide, wathi: “Wenzé abantu bakhe u-Israyeli baba yisinengiso kuye; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube phakade.


UDavida wasesithi kuAgisi: Uzakwazi lokukwazi ukuthi inceku yakho izakwenzani. Wayesethi u-Agi kuDavide: “Ngalokho ngiyakukubeka ube ngumlindi phezu kwekhanda lami kuze kube phakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka