UEksodusi 14:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba baphenduke, bamise ngaphambi kwePhihagiroti, phakathi kweMigidoli nolwandle, malungana neBali Sefoni; ngalokho uyakumisa ngaselwandle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yisho kwabakwa-Israyeli ukuba babuyele emuva, bamise ngaphambi kwePhi Hahiroti, ngaphakathi kweMigidoli nolwandle, phambi kweBali Sefoni; anomisa ngaselwandle, nibhekane nalo. IsiZulu 2020 “Khuluma nabantu bakwa-Israyeli ukuze babuyele emuva, bayokanisa phambi kwePhi Hahirothi, phakathi kweMigidoli nolwandle, phambi kweBhali Zefoni; bakanise ngasolwandle babhekane nalo. |
Ngoba uFaro uzakuthi ngabantwana bakoIsrayeli: Badidekile elizweni, inkangala ibahaqile.
AbaseGibithe babaxosha, amahhashi onke, nezinqola zikaFaro, nabamahhashi bakhe, nempi yakhe, babafica ababemise ngaselwandle ngasePhi-hagiroti ngaphambi kweBali Sefoni.
Izwi elafika kuJeremiya ngawo wonke amaJuda ahlala ezweni laseGibithe, ahlala eMigidoli, naseThagpanesi, naseNofi, nasezweni lasePhatirosi, lithi:
Memezelani eGibithe, nizwakalise eMigidoli, nimemezele eNofi naseThagpanesi; anothi: Yima uqine, uzilungise; ngoba inkemba izakudla inhlangothi zonke zakho.
Ngakho-ke bheka, ngimelene nawe nemifula yakho, futhi ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo nehlane, kusukela embhoshongweni waseSiena kuze kube semngceleni waseKushe.
Ngakhipha oyihlo eGibithe, nafika olwandle; abaseGibithe baxosha oyihlo ngezinqola nangabamahhashi kwaze kwaba seLwandle LwaseShelefu.