Wathi esondela ekamu, wabona ithole nokusina, intukuthelo kaMose yavutha, waphonsa izibhebhe ezandleni zakhe, waziphihliza phansi kwentaba.
UDuteronomi 9:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngithatha amatafula amabili ngawalahla ezandleni zami zombili, ngawaphahlaza phambi kwamehlo enu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngathatha-ke izibhebhe zombili, ngazilahla ezandleni zami zombili, ngazaphula phambi kwamehlo enu. IsiZulu 2020 Ngazithatha izibhebhe ezimbili, ngazilahla phansi ngazo zombili izandla zami, ngazephula phambi kwamehlo enu. |
Wathi esondela ekamu, wabona ithole nokusina, intukuthelo kaMose yavutha, waphonsa izibhebhe ezandleni zakhe, waziphihliza phansi kwentaba.
Ngabona, bhekani, nonile kuJehova uNkulunkulu wenu, nazenzela ithole elibunjiweyo; naphambuka masinyane endleleni uJehova aniyale ngayo.
Ngawa phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yazo zonke izono zenu enone ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.