Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 32:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Wathi esondela ekamu, wabona ithole nokusina, intukuthelo kaMose yavutha, waphonsa izibhebhe ezandleni zakhe, waziphihliza phansi kwentaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kwathi esasondela ekamu,* wabona ithole nokusina; ulaka lukaMose lwase luvutha, wazilahla izibhebhe ezandleni zakhe, wazaphula phansi kwentaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 Kuthe esesondele enkanjini, wabona ithole nokusina, wathukuthela wagana unwabu, wazilahla phansi izibhebhe ayeziphethe, wazephula phansi kwentaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 32:19
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wasina ngamandla akhe onke phambi kukaJehova; uDavide wayebhince indwangu yamahlombe yelineni.


Ingebhe ingibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho.


UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma bamlandela bephethe izigubhu nokusina.


UMose wamncenga uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, ulaka lwakho luvuthelani abantu bakho owabakhipha ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esinamandla na?


Wathi: “Leli akulona izwi lalabo abamemeza ngokubusa, futhi leli akulona izwi lalabo abakhala ngoba bekhungathekile; kodwa ngizwa umsindo wabahlabelelayo.


UJehova wayesethi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe kuzo amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphula.


Kungenjengesivumelwano engasenza laboyise mhla ngibabamba ngesandla ngibakhupha elizweni leGibhithe; ukuthi basephulile isivumelwano sami, nakuba ngangingumuntu kubo,” usho uJehova.


Intokozo yenhliziyo yethu iphelile; ukusina kwethu kuphendulwe ukulila.


Ngase nginqamula enye intonga yami, izibopho, ukuze ngephule ubuzalwane phakathi kukaJuda no-Israyeli.


(Umuntu uMose wayemnene kakhulu kunabo bonke abantu ababesemhlabeni.)


Kodwa mina ngithi kini: Loba ngubani othukuthelela umfowabo kungelasizatho uzakuba lecala lokwahlulelwa, njalo loba ngubani othi kumfowabo: Raca, uzakuba lecala lomphakathi; uzakuba sengozini yesihogo somlilo.


Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana abancane beze kimi, lingabenqabeli, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.


Wabaqalaza ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo, wathi kumuntu: Yelula isandla sakho. Waseselula; saphiliswa isandla sakhe saba njengesinye.


Futhi ningabi abakhonza izithombe, njengabanye kubo; njengokulotshiweyo ukuthi: Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.


Thukuthelani, ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


Ngizobhala ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazephula, futhi kumelwe uwafake emphongolweni.


Uqalekisiwe ongawaqinisekisi onke amazwi alo mthetho ukuba awenze. Futhi bonke abantu kumelwe bathi: Amen!


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka