Lezi ziyibufakazi, nezimiso, nezahlulelo uMose azikhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe;
yibo ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uMose akukhulumayo kubantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe,
yibo lobu ubufakazi, izimiso, nezehlulelo uMose akukhuluma kubantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe,
ugcine umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe, njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo; futhi nomaphi lapho uphendukela khona;
Ngidle ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kungukuthokoza kwenhliziyo yami.
Ngiyathokoza ngendlela yobufakazi bakho njengengcebo yonke.
Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe futhi abamfunayo ngenhliziyo yabo yonke.
Susa kimi isihlamba nokudelelwa; ngoba ngigcinile ubufakazi bakho.
Ubufakazi bakho futhi buyintokozo yami nabeluleki bami.
Sengathi izindlela zami beziqondile ukugcina izimiso zakho!
Ngizakudumisa ngobuqotho benhliziyo lapho sengizazi izimiso zakho ezilungileyo.
Zwana-ke, Israyeli, izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.
Nanku umthetho uMose awubekela abantwana bakwa-Israyeli;
Ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori, ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni, owanqoba uMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.
Kumelwe niyigcine ngokucophelela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu nobufakazi bakhe nezimiso zakhe aniyale ngazo.
Uma indodana yakho ikubuza kamuva ithi: ‘Buyini ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wethu akuyale ngakho na?