Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 6:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kumelwe niyigcine ngokucophelela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu nobufakazi bakhe nezimiso zakhe aniyale ngazo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 Niyakugcina ngokucophelela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 6:17
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe futhi abamfunayo ngenhliziyo yabo yonke.


Wasiyala ukuba sigcine imiyalo yakho eduze.


Wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine zonke izimiso zakhe, angiyikubeka nasinye salezi zifo. Engakwehlisela phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova ophilisayo.


Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


Uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nithande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,


Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nithande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ezindleleni zakhe zonke, ninamathele kuye;


UMose kanye namalunga akwa-Israyeli babayala abantu, bathi: “Gcinani yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla.


UMose wabiza wonke u-Israyeli, wathi kubo: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zenu namuhla ukuba nifunde, nizigcine, nizenze.


O, uma kwakukhona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine yonke imiyalo yami kuze kube phakade, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade!


Ngakho lizakwenza lokunanzelela njengokukulaya kukaJehova uNkulunkulu wakho: lingaphambukeli ngakwesokunene loba kwesokhohlo.


Likholekile leli zwi, futhi lezizinto ngithanda ukuba uziqinise ungayeki, ukuze abakholwa nguNkulunkulu baqaphele ukugcina imisebenzi emihle. Lezi zinto zinhle futhi zinenzuzo kubantu.


Sifisa ukuthi yilowo nalowo kini akubonakalise lokho kukhuthala, kube yisiqinisekiso esigcwele sethemba kuze kube sekupheleni.


Ngakho-ke, bathandekayo, njengokuba nilindele lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe kuye ninokuthula, ningenabala, ningenasici.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka