Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani; bamkhipha uJosefa emgodini, bakhuphula uJosefa, bathengisa ngoJosefa kuma-Ishmayeli ngamashekeli angamashumi amabili esiliva; bamyisa uJosefa eGibithe.
UDuteronomi 33:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuphathelene nezinto eziyigugu zomhlaba nokugcwala kwawo nokujabula kohlala ehlathini: isibusiso masibe phezu kwekhanda likaJosefa naphezu kwekhanda lalowo owahlukaniswa nabafowabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nangamagugu omhlaba nokugcwala kwawo, nangentando enhle yowahlala esihlahleni; isibusiso masifike ekhanda likaJosefa nasokhakhayini lowahlukaniswa nabafowabo. IsiZulu 2020 ngamagugu omhlaba nokugcwala kwawo, nangentando enhle yowabonakala esihlahleni; isibusiso masehlele ekhanda likaJosefa nasemqheleni wekhanda lalowo owehlukaniswa nabafowabo. |
Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani; bamkhipha uJosefa emgodini, bakhuphula uJosefa, bathengisa ngoJosefa kuma-Ishmayeli ngamashekeli angamashumi amabili esiliva; bamyisa uJosefa eGibithe.
AbakwaMidiyani bamthengisa eGibithe kuPotifari, isikhulu sikaFaro, induna yabalindi.
Abafowabo bathi kuye: “Impela uyakusibusa na?” noma uzosibusa ngempela na? Basebemzonda kakhulu ngenxa yamaphupho akhe langenxa yamazwi akhe.
Basebemlungisela yena yedwa, eyedwa, labaseGibhithe ababedla laye, bodwa, ngoba amaGibhithe ayengelakudla isinkwa lamaHebheru; ngoba kuyisinengiso kwabaseGibhithe.
Izibusiso zikayihlo zedlula izibusiso zabokhokho bami kuze kube semkhawulweni wezintaba zaphakade; ziyakuba sekhanda likaJosefa nasokhakhayini lwekhanda lalowo owahlukaniswa nabafowabo.
Ihubo likaDavide. Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo; umhlaba nabahlala kuwo.
Uma bengilambile, bengingeke ngikutshele, ngokuba umhlaba ungowami nokugcwala kwawo.
Owesifazane wakhulelwa, wazala indodana; lapho embona ukuthi ungumntwana omuhle, wamthukusa izinyanga ezintathu.
Ukukhala kwamahhashi akhe kwezwakala kwaDani; ngoba bafika balidla ilizwe lakho konke okwakukulo; umuzi nabakhileyo kuwo.
Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa, anifundanga yini encwadini kaMose esihlahleni ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: “Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe?
Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathakazelelwayo.
UMose lo abamalayo, bethi: “Ubekwe ngubani umbusi nomahluleli na? yena uNkulunkulu wamthuma ukuba abe ngumbusi nomkhululi ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni.
Kodwa uma umuntu ethi kini: Lokhu kuhlatshelwe izithombe, ningadli ngenxa yalowo okubonisileyo nangenxa kanembeza, ngokuba umhlaba ungoweNkosi nokugcwala kwawo;
Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, ophakanyiswe ngaphezu kwamazulu;