Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 33:16 - IsiZulu 2020

16 ngamagugu omhlaba nokugcwala kwawo, nangentando enhle yowabonakala esihlahleni; isibusiso masehlele ekhanda likaJosefa nasemqheleni wekhanda lalowo owehlukaniswa nabafowabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 nangamagugu omhlaba nokugcwala kwawo, nangentando enhle yowahlala esihlahleni; isibusiso masifike ekhanda likaJosefa nasokhakhayini lowahlukaniswa nabafowabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngokuphathelene nezinto eziyigugu zomhlaba nokugcwala kwawo nokujabula kohlala ehlathini: isibusiso masibe phezu kwekhanda likaJosefa naphezu kwekhanda lalowo owahlukaniswa nabafowabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 33:16
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho kwedlula abahwebi bakwaMidiyani, bamkhipha uJosefa emgodini, bamthengisa kwabakwa-Ishmayeli ngezinhlamvu zesiliva ezingama-20, ababe sebemthatha bahamba, baya naye eGibhithe.


AbakwaMidiyani bamthengisa uJosefa eGibhithe kuPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi.


Abafowabo bathi kuye: “Usho ukuthi uzoba yinkosi yethu usibuse na?” Yabhebhetheka kakhulu inzondo kubafowabo ngenxa yamaphupho namazwi akhe.


Bamphakela yedwa, base bebaphakela nabo kanjalo, nabaseGibhithe ababedla naye babaphakela ngokwabo, lokhu abaseGibhithe babengeke badle namaHebheru, ngokuba kwakuyisinengiso kubo.


Izibusiso zikayihlo ziqinile kunezibusiso zokhokho bami, zifinyelela ezintabeni zaphakade. Sengathi lezi zibusiso, zingehlela ekhanda likaJosefa, nasebunzini lakhe owehlukaniswa kubafowabo.


Umhlaba ungokaSimakade nakho konke okukuwo, izwe nabakhileyo kulo,


Ukuba bengilambile, bengingeke ngitshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke, nakho konke okukuwo.


Izulu lingelakho, nomhlaba ungowakho, izwe nokugcwala kwalo, kukho konke, nguwe obeke isisekelo.


Wakhulelwa lowo wesifazane wazala indodana; kwathi lapho eyibona ukuthi yinhle, wayifihla izinyanga ezintathu.


Ukuthimula kwamahhashi akhe kuzwakele kwaDani; umsindo wokukhala kwamahhashi akhe anamandla kuthuthumelise lonke izwe, ngokuba asefikile, aliqothula izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhileyo kuwo.”


Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo yilawa: uManase no-Efrayimi.


Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa, anifundanga yini encwadini kaMose ngasesihlahleni sameva ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: ‘NginguNkulunkulu ka-Abhrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe’ na?


“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”


“UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ukuba ube ngumbusi nomehluleli na?’ nguyena kanye uNkulunkulu amthuma ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, ukuba abe ngumbusi nomhlengi wabo.


ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.


Kepha uma kukhona othi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningalokothi nikudle ngenxa yalowo osho kanjalo nangenxa kanembeza.


Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka