Babona oonyana baka-Amoni ukuthi bazinukisile phambi kukaDavide, oonyana baka-Amoni bathumela baqasha ama-Aram aseBetirehobhi nama-Aram aseTsobha, amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili angumqikela;
UDuteronomi 3:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJayire indodana kaManase walithatha lonke izwe lase-Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGesuri neMahagati; wawabiza ngegama lakhe ngokuthi iBashani Havoti-Jayire kuze kube namuhla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJayire indodana kaManase wathatha sonke isifunda sase-Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, wasibiza – lona iBashani – ngegama lakhe ngokuthi iHawoti Jayire kuze kube namuhla. IsiZulu 2020 UJayire, indodana kaManase, wathatha sonke isifunda i-Arigobhi kuze kube semngceleni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, iBhashani, walibiza ngegama lakhe wathi yiHawothi Jayire, kuze kube yinamuhla. |
Babona oonyana baka-Amoni ukuthi bazinukisile phambi kukaDavide, oonyana baka-Amoni bathumela baqasha ama-Aram aseBetirehobhi nama-Aram aseTsobha, amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili angumqikela;
Kepha u-Abisalomu wabaleka, waya kuTalimayi, indodana ka-Amihudi, inkosi yaseGeshuri. UDavide walilela indodana yakhe zonke izinsuku.
no-Elifeleti indodana ka-Ahasibayi indodana yomMagati, no-Eliyamu indodana ka-Ahithofeli waseGiloni,
eyesibili yayinguKileyabi ka-Abigayili umkaNabali waseKarmeli; eyesithathu yayingu-Abisalomu indodana kaMagaga indodakazi kaTalimayi inkosi yaseGeshuri;
Umcabango wabo wangaphakathi uthi izindlu zabo ziyohlala phakade, izindawo zabo zokuhlala ezizukulwaneni ngezizukulwane; babiza amazwe abo ngamagama abo.
Base befika kuGedaliya eMispa, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani, noJonathani, amadodana kaKhareya, noSeraya, indodana kaThanumethi, namadodana ka-Efayi umNethofa, noJeshaniya indodana A Maägatite, bona namadoda abo.
UJayire indodana kaManase wahamba wathatha imizana yakhe, wayibiza ngokuthi iHavoti-Jayire.
Enye insali yakwaGileyadi, nalo lonke iBashani elalingumbuso ka-Ogi, nganika ingxenye yesizwe sakwaManase; sonke isifunda sase-Arigobi, nalo lonke iBashani, elalibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.
Sayithatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, akubangakho muzi esingawuthathanga kubo, imizi engamashumi ayisithupha, sonke isifunda sase-Arigobi, umbuso ka-Ogi eBashani.
Wabusa entabeni yaseHermoni, naseSaleka, naseBashani lonke, kwaze kwaba semkhawulweni wamaGeshuri, namaMahaga, nenxenye yakwaGileyadi, emkhawulweni kaSihoni inkosi yaseHeshiboni.
Kepha abantwana bakwa-Israyeli abawaxoshanga amaGeshuri namaMagati, kepha amaGeshuri namaMagati ahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla.