Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 3:14 - IsiZulu 2020

14 UJayire, indodana kaManase, wathatha sonke isifunda i-Arigobhi kuze kube semngceleni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, iBhashani, walibiza ngegama lakhe wathi yiHawothi Jayire, kuze kube yinamuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJayire indodana kaManase wathatha sonke isifunda sase-Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, wasibiza – lona iBashani – ngegama lakhe ngokuthi iHawoti Jayire kuze kube namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UJayire indodana kaManase walithatha lonke izwe lase-Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGesuri neMahagati; wawabiza ngegama lakhe ngokuthi iBashani Havoti-Jayire kuze kube namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 3:14
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abakwa-Amoni babona ukuthi bazenze isinengiso kuDavide, base bethumela, baqasha ama-Aramu aseBhethi Rehobhe nama-Aramu aseZobha, imigundatshani eyizi-20 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abayinkulungwane, namadoda aseThobhi ayizi-12 000.


U-Absalomu wabaleka waya kuThalimayi, indodana ka-Amihudi, inkosi yaseGeshuri. UDavide wayililela indodana yakhe zinsuku zonke.


Wayesesuka uJowabe wahamba, waya eGeshuri, wambuyisa u-Absalomu eJerusalema.


U-Ira umJayiri engumphristi kaDavide.


u-Elifelethi, indodana ka-Ahashibhayi, indodana yomMahakha, u-Eliyamu, indodana ka-Ahithofeli waseGilo,


Eyesebili kwaba nguKhileyabhi ku-Abhigayili, umkaNabali waseKharimeli. Eyesithathu kwaba ngu-Absalomu, indodana kaMahakha, indodakazi kaThalimayi, inkosi yaseGeshuri.


Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo, ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawaqamba ngamagama abo.


zaya kuGedaliya eMizpha: kwakungu-Ishmayeli indodana kaNethaniya, uJohanani noJonathani amadodana kaKhareya, uSeraya indodana kaThanihumethi, amadodana ka-Efayi waseNethofa, uJezaniya indodana kaMahakhi, bona nabantu babo.


UJayiri, indodana kaManase, wahamba wadla imizana yalo, wayibiza ngokuthi yiHawothi Jayiri.


Ingxenye esele yakwaGileyadi, nalo lonke iBhashani, umbuso ka-Ogi, lokho ngakunika ingxenye yesizwana sakwaManase, sonke isifunda i-Arigobhi neBhashani lonke elibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.


Sayidla yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi; akwaze kwasala muzi esingawudlanga: kwakuyimizi engama-60, sonke isifunda i-Arigobhi nombuso ka-Ogi eBhashani.


ebusa phezu kwentaba iHermoni, eSalekha, nakulo lonke iBhashani kuze kufike emngceleni wamaGeshuri nowaMahakhathi, nengxenye kwaGileyadi kuya emngceleni kaSihoni inkosi yaseHeshibhoni.


Nokho u-Israyeli akazange awaxoshe amaGeshuri namaMahakhathi, kodwa amaGeshuri namaMahakhathi ahlala phakathi kwabakwa-Israyeli kuze kube yinamuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka