Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu unginikile umvuzo wami, lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami; waqamba igama layo ngokuthi u-Isakare.
UDuteronomi 27:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bamelwe ukuma entabeni yaseGerizimu ukuze babusise abantu lapho niwela iJordani; oSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noJosefa, noBenjamini; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Laba bayakuma entabeni yaseGerizimu ukubusisa abantu, lapho seniwelile iJordani: oSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noJosefa, noBenjamini; IsiZulu 2020 “Yilaba abazoma entabeni iGerizimu, babusise abantu ngesikhathi seniliwelile iJordani: uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare, uJosefa, noBhenjamini. |
Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu unginikile umvuzo wami, lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami; waqamba igama layo ngokuthi u-Isakare.
Waqamba igama layo ngokuthi uJosefa; wathi: INkosi izakwengezelela enye indodana kimi.
Kwathi umphefumulo wakhe usaphuma, ngokuba wafa, waqamba igama layo ngokuthi uBenoni; kepha uyise wayiqamba ngokuthi uBenjamini.
U-Israyeli esehlezi kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wezwa. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili;
Bayakuma entabeni yase-Ebali ukuba baqalekise; uRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali.
Lapho sebemtshela uJothamu, wahamba wema esiqongweni sentaba iGerizimu, waphakamisa izwi lakhe, wamemeza, wathi kubo: “Ngizweni nina bemi baseShekemi, ukuze uNkulunkulu anizwe.”