Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela kaJerobowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.
UDuteronomi 12:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ziqaphele ukuba unganikeli iminikelo yakho yokushiswa ezindaweni zonke ozibonayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Xwaya ukuba unganikeli ngeminikelo yakho yokushiswa ezindaweni zonke ozibonayo, IsiZulu 2020 Xwaya ukuba unganikeli ngeminikelo yakho yokushiswa ezindaweni zonke ozibonayo, |
Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela kaJerobowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.
Kuphela abantu babehlabela ezindaweni eziphakemeyo, ngoba kwakungakhelwanga iGama likaJehova indlu kwaze kwaba yilezo zinsuku.
Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga kwa-Israyeli; kepha inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zakhe.
Kuyakuba khona indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba ahlale kuyo igama lakhe; lapho uyakuletha konke engikuyala ngakho; iminikelo yenu yokushiswa nemihlatshelo yenu, okweshumi kwenu nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu nazo zonke izithembiso zenu zekhethelo enizenza kuJehova.
Kodwa endaweni uJehova ayakuyikhetha kwesinye sezizwe zakho, lapho uyakunikela ngeminikelo yakho yokushiswa, wenze khona konke engikuyala ngakho.
Kodwa endaweni uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba amise igama lakhe kuyo, ngisho nalapho ehlala khona kumelwe nifune, futhi niyofika lapho.
Kumelwe nilethe lapho iminikelo yenu yokushiswa nemihlatshelo yenu nokweshumi kwenu neminikelo yokuphakanyiswa evela esandleni senu, nezithembiso zenu neminikelo yenu yesihle namazibulo ezinkomo zenu nawezimvu zenu.
Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nasenxenyeni yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi, bakhuluma kubo, bathi:
Kwangathi uNkulunkulu angasivimbela ekuhlubukeni kuJehova nasekuphambukeni kuJehova namuhla, sakhe i-altare leminikelo yokushiswa, iminikelo yomlilo noma iminikelo yokushiswa, e-altare likaJehova uNkulunkulu wethu eliphambi kwetabernakele lakhe.