Uthi: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu, namaphiko amade, lugcwele izimpaphe, ezinemibala ehlukahlukene, lwafika eLebanoni, lwathatha igatsha eliphezulu lomsedari.
UDaniyeli 7:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwalokho ngabona, bheka, enye ifana nengwe, inamaphiko amane enyoni emhlane wayo; isilo sasinamakhanda amane; lanikwa ukubusa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Emva kwalokho ngabona; bheka, esinye, sinjengengwe, sinamaphiko amane enyoni emhlane; isilo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa. IsiZulu 2020 “Emveni kwalokho ngabona; bheka, esinye sasinjengengwe, sinamaphiko enyoni amane emhlane. Lesi silo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa. |
Uthi: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu, namaphiko amade, lugcwele izimpaphe, ezinemibala ehlukahlukene, lwafika eLebanoni, lwathatha igatsha eliphezulu lomsedari.
Wathi: “Uyazi yini ukuthi ngizeleni kuwe na?” manje ngiyakubuya ngilwe nesikhulu sasePheresiya; futhi lapho ngiphuma, bheka, iSikhulu saseGrisi siyeza.
Emva kwakho kuyakuvela omunye umbuso omncane kunawe, nomunye umbuso wesithathu wethusi oyakubusa emhlabeni wonke.
Eyokuqala yayinjengengonyama, inamaphiko okhozi; ngabuka, kwaze kwaba yilapho amaphiko alo ehlwithwa, yaphakanyiswa emhlabeni, yema ngezinyawo zayo njengomuntu, yanikwa inhliziyo yomuntu.
Bheka, kwakukhona esinye isilo, esesibili, sinjengebhere, simi ngalapha, sinezimbambo ezintathu emlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; basebesithi kuye: Vuka udle inyama enengi.
Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zinjengezebhere, nomlomo waso unjengomlomo wengonyama, udrako wamnika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, negunya elikhulu.