Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 13:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zinjengezebhere, nomlomo waso unjengomlomo wengonyama, udrako wamnika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, negunya elikhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zazinjengezebhere*, nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama. Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Isilo engasibonayo sasifana nengwe, izinyawo zaso zinjengezebhere, umlomo waso ufana nomlomo webhubesi. Udrago wasinika amandla akhe, isihlalo sakhe sobukhosi, negunya lakhe elikhulu lokubusa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zinjengezebhere, nomlomo waso unjengomlomo wengonyama, udrako wamnika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, negunya elikhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 13:2
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Waphenduka wababheka, wabaqalekisa egameni likaJehova. Kwavela amabhere amabili ezinsikazi ehlathini, azala abantwana abangamashumi amane nambili.


Ngisindise emlonyeni wengonyama, ngokuba ungizwile ezimpondweni zenyathi.


Umuntu makahlangabeze ibhere elilahlekelwe amawundlu alo kunesiwula ebuwula baso.


Njengengonyama ebhongayo nebhere elindizayo; unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.


Ukubhonga kwabo kuyoba njengengonyama, bayobhonga njengamabhongo engonyama; yebo, bayobhonga futhi bathathe impango bahambe nayo ngokuphepha, futhi akekho oyoyisindisa.


UmKushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo, na? khona-ke ningase nenze okuhle nina enijwayele ukwenza okubi.


Ngakho ingonyama yasehlathini iyababulala, impisi yakusihlwa iyakubaphanga; ingwe iyakulinda imizi yabo, bonke abaphuma khona badwengulwe, ngokuba iziphambeko zabo nezinengiso zabo ziningi iyanda.


Bayakulandela uJehova; Ubhodla njengengonyama; uma Ebhonga, abantwana basentshonalanga bayathuthumela.


Usho kanje uJehova, uthi: “Njengomalusi ekhipha izidladla ezimbili emlonyeni wengonyama, nesicucu sendlebe; kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakuthunjwa abahlala eSamariya ekhoneni lombhede naseDamaseku embhedeni.


Njengokungathi umuntu ubalekela ingonyama, ahlangane nebhere; noma engena endlini, wancika isandla sakhe odongeni, walunywa yinyoka.


Amahhashi aso anejubane kunezingwe, anolaka kunezimpisi zasebusuku; bayondiza njengokhozi oludla ngokuphangisa.


Nokho iNkosi yema nami, yangiqinisa; ukuze ngami ivangeli laziwe ngokugcwele, nezizwe zonke zizwe; ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;


Kwathi udrako esebonile ukuthi uphonswe emhlabeni, wazingela owesifazana owazala umntwana wesilisa.


Inyoka yakhipha emlonyeni wayo amanzi anjengomfula emva kowesifazane, ukuze immukise nomfula.


Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.


Sasebenzisa onke amandla esilo sokuqala phambi kwaso, senza umhlaba nabakhileyo kuwo ukuba bakhulekele isilo sokuqala, esinxeba laso elibulalayo lelashwa.


Bakhuleka kudrako owanika isilo amandla, bakhuleka kuso isilo, bathi: “Ngubani ofana nesilo na? ngubani ongalwa naye na?


Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso wakhe waba mnyama; baluma ulimi lwabo ngenxa yobuhlungu.


Izimpondo eziyishumi ozibonile zingamakhosi ayishumi angakawamukeli umbuso; kodwa amukele amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo.


Sabanjwa isilo, kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Laba bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, lalapho ohlala khona, lalapho isihlalo sikaSathane sikhona; njalo ulibambile ibizo lami, kawuphikanga ukholo lwami, langalezonsuku uAntipasi engumfakazi wami othembekileyo, owabulawa phakathi kwenu, lapho uSathane ehlala khona.


Yasibamba udrako, inyoka endala, onguSathane, noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka