Kwathi selishona ilanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, wehlelwa yingebhe yobumnyama obukhulu.
UDaniyeli 10:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa ngezwa izwi lamazwi akhe, futhi lapho ngezwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obunzima, ubuso bami bubheke phansi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe; lapho ngezwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi. IsiZulu 2020 Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe; lapho ngizwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi. |
Kwathi selishona ilanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, wehlelwa yingebhe yobumnyama obukhulu.
Ephusheni, embonweni wasebusuku, lapho ubuthongo obunzima bubehlela abantu, ebuthongweni embhedeni;
Ngiyalala, kepha inhliziyo yami iyaphaphama; yizwi lothandiweyo wami engqongqotha, ethi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo nezihluthulelo zami ngamathonsi. Kwasebusuku.
Bheka, onjengamadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngivula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi kobemi phambi kwami: “O nkosi yami, ngokubona izinsizi zami ziphendukele kimi, angibange ngibe namandla.
Esakhuluma nami, ngase ngilele ubuthongo obunzima, ubuso bami bubheke phansi, kepha wangithinta, wangimisa.
Lapho ngizwa lokhu, isisu sami sathuthumela; izindebe zami zathuthumela ngezwi; ukubola kwangena emathanjeni ami, ngaqhaqhazela phakathi kwami, ukuze ngiphumule ngosuku losizi;
Kepha uPetru nababe naye babesindwa ubuthongo; sebevukile babona inkazimulo yakhe namadoda amabili ayemi naye.
Kwathi ngimbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi kimi: “Ungesabi; ngingowokuqala nowokugcina;