Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 10:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe; lapho ngezwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe; lapho ngizwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kodwa ngezwa izwi lamazwi akhe, futhi lapho ngezwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obunzima, ubuso bami bubheke phansi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 10:9
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ngokushona kwelanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu.


UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama.


Ephusheni nasembonweni wasebusuku, lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima, bozela emacansini,


Ngokudlala kwemicabango ivuswe yimibono yasebusuku, lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,


Bengilele, kepha inhliziyo yami ibiphapheme; kuyizwi lothandiweyo wami elingqongqotha lithi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo, nesihluthu sami amaconsi asebusuku.”


Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi komi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.


Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.


Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami, izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo; ukubola kungena emathanjeni ami, ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona, ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu.


Esesukume ekukhulekeni weza kubafundi bakhe, wabafumana belele ngokudabuka.


UPetru nababe naye babekhwelwe ngubuthongo; kepha sebephapheme babona inkazimulo yakhe namadoda amabili emi naye.


Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka