UDaniyeli 10:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yathi kimi: “Daniyeli, indoda ethandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume uqonde, ngokuba manje ngithunyiwe kuwe. Lapho ekhuluma leli zwi kimi, ngema ngithuthumela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli zwi kimi, ngema ngithuthumela. IsiZulu 2020 Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli lizwi kimi, ngema ngithuthumela. |
Ngisho noma la madoda amathathu, uNowa, uDaniyeli noJobe, ebekhona kulo, ayeyosindisa umphefumulo wawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.
wathi: “O othandekayo, ungesabi; ukuthula kini, qinani, yebo, qinani. Lapho ekhuluma kimi, ngaba namandla, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami; ngoba ungiqinisile.
Angidlanga sinkwa esihle, kwakungekho nyama nawayini emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye, kwaze kwaphela amasonto amathathu apheleleyo.
Base bephuma masinyane, babaleka ethuneni; ngokuba babethuthumela, bamangala; ngoba babesaba.
UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela; laye eyame esifubeni sakhe esidlweni, wathi: Nkosi, ngubani okukhaphelayo?
Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakale kuwe ngalokho ukuba ngikwenze ube yisikhonzi nofakazi walezi zinto ozibonileyo nowalezo zinto engizakuzibonakalisa kuwe ngazo;
Ethuthumela emangala wathi: “Nkosi, uthanda ukuba ngenzeni na? INkosi yasisithi kuye: Sukuma uye emzini, njalo uzatshelwa ofanele ukwenze.