Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 10:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Yayisithi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ekuqondeni nasekukujeziseni phambi kukaNkulunkulu wakho, amazwi akho ezwiwa, mina ngizele amazwi akho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wayesethi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwiwa; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Wayesethi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwakala; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 10:12
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho ngikhala, ngilaya umphefumulo wami ngokuzila ukudla, kwaba yihlazo kimi.


Khulumani kwabesaba inhliziyo ukuthi: Qinani, lingesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza nempindiselo, uNkulunkulu enempindiselo; uzoza anisindise.


Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ungesabi wena sibungu Jakobe, nani madoda akwa-Israyeli! ngiyakusiza, usho uJehova, noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli.


Khona uyakubiza, uJehova aphendule; kufanele ubize, futhi uyothi: Nangu mina! Uma nisusa phakathi kwenu ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okuyize;


Kuyothi bengakangibizi, ngiphendule; kuthi besakhuluma, ngizwe.


Yathi kimi: “Daniyeli, indoda ethandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume uqonde, ngokuba manje ngithunyiwe kuwe. Lapho ekhuluma leli zwi kimi, ngema ngithuthumela.


wathi: “O othandekayo, ungesabi; ukuthula kini, qinani, yebo, qinani. Lapho ekhuluma kimi, ngaba namandla, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami; ngoba ungiqinisile.


Lokhu kuyakuba yisimiso kini esiphakade: ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi lwenyanga niyocindezela imiphefumulo yenu, ningasebenzi msebenzi, kungakhathaliseki ukuthi ungowakini noma ungowezizwe. Ohlala phakathi kwenu.


Kumelwe kube isabatha lokuphumula kini, futhi kumelwe nihluphe imiphefumulo yenu ngokwesimiso esiphakade.


Ngosuku lweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa kuyakuba khona umhlangano ongcwele kini; futhi niyothobisa imiphefumulo yenu; ningasebenzi msebenzi ngayo.


UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani nitshele abafowethu ukuthi baye eGalile, futhi bayakungibona khona.


Ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni.


Wathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha; bhekani indawo lapho ababembeke khona.


Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba ukukhuleka kwakho kuzwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.


Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu.


Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi;


Wathi kubo: Nikhathazekeleni na? Kuvelelani izizindlo ezinhliziyweni zenu na?


Isithi: Ungesabi, Pawuli; umelwe ukumiswa phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukunikile bonke abahamba nawe ngomkhumbi.


Kwathi ngimbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi kimi: “Ungesabi; ngingowokuqala nowokugcina;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka