Bonke abanye abantu ababesele emzini kanye nababaleki ababehlubuke enkosini yaseBhabhiloni kanye nensali yesixuku uNebusaradani induna yabalindi wabathumba.
Obadiya 1:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngosuku owama ngalo maqondana, mhla abezizwe besusa amabutho akhe nabafokazi bengena emasangweni akhe benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngosuku owema kude ngalo, ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe, nabezizwe bangena ngamasango akhe, benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo. IsiZulu 2020 Phela ngosuku owamela kude ngalo, mhla abafokazi bephanga umcebo wakhe, nabezizwe betheleka emasagweni akhe, benza unkatho ngeJerusalema, nawe wawufana nomunye wabo. |
Bonke abanye abantu ababesele emzini kanye nababaleki ababehlubuke enkosini yaseBhabhiloni kanye nensali yesixuku uNebusaradani induna yabalindi wabathumba.
Khumbula, Jehova, abantwana bakwa-Edomi ngosuku lweJerusalema; owathi: Dilili, lihlukanise, kuze kube sesisekelo salo.
Ngokuba uthe: Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe womabili ayakuba ngawami, siyakuwadla; uJehova ekhona;
Benza inkatho phezu kwabantu bami; wanika isifebe indodana, wathengisa ngentombazane ukuze aphuze iwayini.
Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zeGaza, nangenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwalo; ngoba bathumba bonke abathunjwa ukuze babanikele kuEdoma.
Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zeTire, ngenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwalo; ngoba banikela bonke ekuthunjweni ku-Edomi futhi abazange bacabange ngesivumelwano sobuzalwane.
Kepha wathunjwa, waya ekudingisweni; nabantwana balo bachotshozwa eziqongweni zazo zonke izitaladi; benza inkatho ngabahlonishwayo, nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.
Lokhu kuyakuba njengokuzigqaja kwabo, ngokuba baye bazihlambalaza, baziphakamisa kubantu bakaJehova Sebawoti.