Vuka, Nkulunkulu, uyithethelele indaba yakho; cabanga ukuthi isiwula sikuthuka kanjani nsuku zonke.
NgokukaMarku 9:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Waphendula, wathi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala, abuyisele zonke izinto; nokuthi kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi imelwe ukuhlupheka ngokuningi, idelelwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na? IsiZulu 2020 Wayesethi kubo: “Impela u-Eliya uyakubuya kuqala ukuze abuyisele konke, kodwa kulotshweni ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe na? Baasraak Zulu New Testament Bible Waphendula, wathi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala, abuyisele zonke izinto; nokuthi kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi imelwe ukuhlupheka ngokuningi, idelelwe. |
Vuka, Nkulunkulu, uyithethelele indaba yakho; cabanga ukuthi isiwula sikuthuka kanjani nsuku zonke.
Usho kanje uJehova, uMhlengi ka-Israyeli, noNgcwele wakhe, kuye odelela umuntu, kuye isizwe esimenyanyayo, encekwini yezikhulu: Amakhosi ayakubona lokhu, asukume, nezikhulu zikhuleke ngenxa yalokho. KaJehova othembekileyo noNgcwele ka-Israyeli, uyakunikhetha.
Ngiwunike umhlane wami ekushayweni, nezihlathi zami kulabo abaklebhula izinwele; angibufihlanga ubuso bami ehlazweni nasekukhafuleni.
Abaningi bamangala ngawe; ubuso bakhe bawonakele ngaphezu kwawo wonke umuntu, futhi isimo sakhe ngaphezu kwabantwana babantu.
UJehova wathi kimi: “Yiphonse kumbumbi; Ngase ngithatha izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva, ngaziphonsa kumbumbi endlini kaJehova.
Vuka, wena nkemba, umelusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova Sebawoti, uthi: ‘Shaya umalusi, izimvu zihlakazeke;
Iyakuphendulela inhliziyo yawoyise kubantwana, nenhliziyo yabantwana koyise, ukuze ngingezi futhi ngishaye umhlaba ngesiqalekiso.
Kusukela ngaleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuthi umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu.
INdodana yomuntu iyamuka njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! ngabe kwaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga.
Besithi: Khangela, sikhuphukela eJerusalema; njalo iNdodana yomuntu izanikelwa kubapristi abakhulu lababhali; bayakumgwebela ukufa, bamkhaphele kwabezizwe;
Kodwa ngithi kini: UEliya usefikile, basebesenza kuye konke ababekuthanda, njengokulotshiweyo ngaye.
Ngoba wayefundisa abafundi bakhe, wathi kubo: INdodana yomuntu inikelwa ezandleni zabantu, njalo bazayibulala; njalo emva kokuba esebulewe, uzavuka ngosuku lwesithathu.
Nawe, mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba wena uyakuhamba phambi kobuso beNkosi ukulungisa izindlela zayo;
UHerodi lamabutho akhe bameyisa, bamklolodela, bamgqokisa isembatho esikhazimulayo, bambuyisela kuPilatu.
Nesinye sezelelesi ezaziphanyekiwe samthuka, sithi: “Uma wena unguKristu, zisindise wena nathi.
Sebebuthene bambuza, bathi: “Nkosi, uyawubuyisela ngalesi sikhathi umbuso ku-Israyeli na?