Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 26:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 INdodana yomuntu iyamuka njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! ngabe kwaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

24 Impela iNdodana yomuntu izakuhamba njengokulotshiwe ngayo, kodwa maye, kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekuyakuba ngcono kulowo muntu ukuba akazalwanga.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 INdodana yomuntu iyamuka njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! ngabe kwaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 26:24
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.


Ukufa makubafice, behlele esihogweni bephila, ngokuba ububi busezindlini zabo naphakathi kwabo.


Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.


Futhi emva kwamasonto angamashumi ayisithupha nambili uMesiya uyobhujiswa, kodwa hhayi yena; futhi abantu besikhulu esizayo bayochitha umuzi nendlu engcwele; futhi ukuphela kwawo kuyakuba ngozamcolo, futhi kuze kube sekupheleni kwempi ukuchithwa kumisiwe.


Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nokunxusa; futhi bayongibheka mina abangigwazayo, futhi bayomlilela njengoba nje umuntu elilela indodana yakhe eyodwa, futhi bayoba munyu kuyo, njengomuntu omunyu ngenxa yezibulo lakhe.


Vuka, wena nkemba, umelusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova Sebawoti, uthi: ‘Shaya umalusi, izimvu zihlakazeke;


Maye kuwo umhlaba ngenxa yezikhubekiso! ngokuba kufanele ukuba kufike izikhubekiso; kodwa maye kulowomuntu esiza ngaye isikhubekiso!


Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke.


Kodwa ingagcwaliseka njani imibhalo yokuthi kumele kube njalo?


Kepha konke lokhu kwenzeka ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi. Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.


INdodana yomuntu iyamuka impela, njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekungaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga.


Waphendula, wathi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala, abuyisele zonke izinto; nokuthi kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi imelwe ukuhlupheka ngokuningi, idelelwe.


Nempela iNdodana yomuntu iyahamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye!


Wathi kubo: Kulotshiwe kanje, lokuthi uKhristu umelwe ukuhlupheka, njalo avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu.


Ngisenabo ezweni ngabagcina egameni lakho labo onginike bona, ngibagcinile; ukuze kugcwaliseke umbhalo.


Basebekhulumisana besithi: Kasingasidabuli, kodwa kasisenzele inkatho ukuthi sizakuba ngekabani; ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Babelana izembatho zami, lesambatho sami benza inkatho yokuphosa. Akwenza-ke lokho amasosha.


Emva kwalokho uJesu ekwazi ukuthi zonke izinto seziphelile, ukuze kugcwaliseke umbhalo, wathi: Ngomile.


yena esenikelwe ngecebo elimisiweyo nangokwazi kukaNkulunkulu ngaphambili, namthatha, ngezandla zababi nambethela, nambulala;


Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.


ukuba ngenze konke esakumisela ngaphambili isandla sakho namasu akho ukuba kwenziwe.


Ngokuba kuqala kunakho konke nganinika lokho engakwamukela nami, ukuthi uKristu wafela izono zethu njengokwemibhalo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka