NgokukaMarku 15:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uJesu akaphendulanga lutho; waze wamangala uPilatu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kodwa uJesu akabe esaphendula lutho, waze wamangala uPilatu. IsiZulu 2020 Kepha uJesu akabuyanga waphendula utho, waze wamangala uPilatu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa uJesu akaphendulanga lutho; waze wamangala uPilatu. |
Wacindezelwa, waba lusizi, kepha akawuvulanga umlomo wakhe; njengewundlu uyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu isimungulu phambi kwabagundi bayo, kanjalo akawuvuli umlomo wakhe.
Bhekani, mina nabantwana uJehova anginike bona siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli ezivela kuJehova Sebawoti ohlezi entabeni yaseSiyoni.
Manje yizwa, Joshuwa, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, ngoba bangabantu abamangalisayo, ngoba bheka, ngiyoveza inceku yami, iHLUmela.
UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? bheka ukuthi zingaki izinto abafakaza ngazo ngawe.
Wabuye wangena endlini yokwahlulela, wathi kuJesu: “Ungowaphi na? Kodwa uJesu kamphendulanga.
Ngokuba ngithi uNkulunkulu usimisile thina baphostoli ekugcineni njengabamiselwe ukufa, ngokuba senziwe ukubukwa ezweni, nasezingelosini, nakubantu.