Mathewu 8:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu welula isandla, wamphatha, wathi: Ngiyathanda; hlambuluka. Masinyane uchoko lwakhe lwahlambuluka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayeselula isandla, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka masinyane ochokweni lwakhe. IsiZulu 2020 UJesu welula isandla sakhe, wamthinta, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka ngokushesha ochokweni lwakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu welula isandla, wamphatha, wathi: Ngiyathanda; hlambuluka. Masinyane uchoko lwakhe lwahlambuluka. |
Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Bheka, bengithi uyakuphumela nokuphuma eze kimi, ame, abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, ashaye isandla sakhe phezu kwaleyo ndawo naphezu konochoko.”
Wehla, wabhapathizwa kasikhombisa eJordani njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wayesehlambulukile.
Wathi: “Buyisela isandla sakho esifubeni sakho.” Waphinda wasifaka isandla sakhe esifubeni sakhe; wayiklebhula esifubeni sakhe, bheka, yaphenduka yaba njengenye inyama yakhe.
Wasesithi endodeni: Yelula isandla sakho. Wayeseselula; kwasekusindiswa kwaba kuhle njengenye.
UJesu waba nesihe, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.
Wasevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: Thula, uthi cwaka. Umoya wanqamuka, kwaba khona ukuthula okukhulu.
Wabamba isandla somntwana, wathi kuye: “Thalitha, kumi; okungukuthi ngokuhunyushwa: Ntombakazi, ngithi kuwe: Vuka.
UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima kanyekanye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala: phuma kuye, ungabe usangena kuye.
Kwakukhona abanochoko abaningi kwa-Israyeli ngesikhathi sika-Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNahamani umAramu.
Waseselula isandla, wamphatha, wathi: Ngiyathanda, hlambuluka. Masinyane uchoko lwasuka kuye.
Wasesondela wathinta uhlaka; abaluthweleyo bema. Yathi: Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka.
Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;
Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise; ngokunjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.