Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli lapho bekhuleka kule ndawo; ngikulalele usezulwini, endaweni yakho yokuhlala; futhi lapho usuzwile, uthethelele.
Mathewu 6:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; IsiZulu 2020 sithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; Baasraak Zulu New Testament Bible Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi. |
Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli lapho bekhuleka kule ndawo; ngikulalele usezulwini, endaweni yakho yokuhlala; futhi lapho usuzwile, uthethelele.
Yizwa usezulwini, uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika oyise.
Yizwa-ke usezulwini, lapho uhlala khona, uthethelele, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe owazi inhliziyo yakhe; (ngoba nguwe wedwa owazi izinhliziyo zabantwana babantu;)
Ubathethelele abantu bakho abonile kuwe, nazo zonke iziphambeko zabo abeqe ngazo kuwe, ubenzele umusa phambi kwalabo ababathumbile njengeziboshwa, ukuze babe nesihe kubo.
Ihubo likaDavide uMaskili. Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisitshekelwe.
Gcina umusa kwabayizinkulungwane, uthethelele ububi neziphambeko nezono, futhi awusoze wakhulula onecala; ohambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana kwesesithathu nesesine isizukulwane.
Wozani manje siyilungise indaba, usho uJehova; noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokubomvu, ziyakuba njengoboya bezimvu.
O Nkosi, yizwa; O Nkosi, thethelela; Jehova, yizwa, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba igama lakho libizwe phezu komuzi wakho naphezu kwabantu bakho.
Ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.
Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni; uJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi; Ndodana, yimani isibindi; uthethelelwe izono zakho.
Nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.
Usithethelele izono zethu; ngoba lathi sibathethelela bonke abalecala kithi. Ungasingenisi ekulingweni; kodwa usikhulule kokubi.
Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babeyizoni kunabo bonke abantu abakhileyo eJerusalema na?
Ngakho makwazeke kini, madoda bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono;
Esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe;
Kepha yibani nomusa omunye komunye, nihawukele, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngenxa kaKristu.