Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 6:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 sithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 6:12
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli abayakukukhuleka bebhekene nale ndawo, ukuzwe usendaweni yakho yokuhlala ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele.


mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika oyise.


mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe, wena owaziyo inhliziyo yakhe ngokuba wena kuphela uyazi izinhliziyo zabo bonke abantwana babantu


uthethelele abantu bakho abonile kuwe nazo zonke iziphambeko zabo abaphambeke kuwe ngazo, ubanike ukuba bathole isihe phambi kwababathumbayo ukuba babaphathe ngesihe.


Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.


Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisibekelwe.


ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.”


“Wozani-ke, sithethe indaba,” usho uJehova; “noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokububende, ziyakuba njengoboya bezimvu.


Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”


ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.


Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni. UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: “Yima isibindi, ndodana; uthethelelwe izono zakho.”


Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.


usithethelele izono zethu, ngokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.’ ”


Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na?


“Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.


Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose


esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe


Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.


nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka