Mathewu 27:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Akamphendula nakancane; waze wamangala kakhulu umbusi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Akaze amphendula nakwelilodwa izwi, umbusi waze wamangala kakhulu. IsiZulu 2020 Kepha uJesu akazange amphendule nangelilodwa izwi, umbusi wamangala kakhulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Akamphendula nakancane; waze wamangala kakhulu umbusi. |
Bhekani, mina nabantwana uJehova anginike bona siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli ezivela kuJehova Sebawoti ohlezi entabeni yaseSiyoni.
Manje yizwa, Joshuwa, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, ngoba bangabantu abamangalisayo, ngoba bheka, ngiyoveza inceku yami, iHLUmela.
Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.
Wabuye wangena endlini yokwahlulela, wathi kuJesu: “Ungowaphi na? Kodwa uJesu kamphendulanga.
Ngokuba ngithi uNkulunkulu usimisile thina baphostoli ekugcineni njengabamiselwe ukufa, ngokuba senziwe ukubukwa ezweni, nasezingelosini, nakubantu.